1 Amakhosi 18:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku-Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: “Hamba uzibonakalise ku-Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.”

2. Wayesehamba u-Eliya ukuzibonakalisa ku-Ahabi. Indlala yayinamandla eSamariya.

3. U-Ahabi wabiza u-Obadiya owayephezu kwendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,

4. ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.

5. U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”

6. Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule: u-Ahabi wahamba ngenye indlela eyedwa, u-Obadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa.

1 Amakhosi 18