2. Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:
3. “Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
4. Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.”
5. Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
6. Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
7. Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.