1 Amakhosi 17:17-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi, umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula.

18. Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”

19. Kepha wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho ehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe.

20. Wayesekhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”

21. Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.”

22. UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.

23. U-Eliya wayesethatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”

24. Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”

1 Amakhosi 17