1 Amakhosi 17:10-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: “Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.”

11. Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: “Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.”

12. Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”

13. Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kepha ngenzele mina kuqala iqebelengwane elincane ngakho, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.

14. Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayikuphela, nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.’ ”

15. Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, no-Eliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi.

16. Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.

17. Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi, umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula.

18. Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”

19. Kepha wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho ehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe.

20. Wayesekhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”

21. Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.”

22. UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.

23. U-Eliya wayesethatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”

24. Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”

1 Amakhosi 17