1 Amakhosi 17:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”

2. Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:

3. “Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.

4. Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.”

5. Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.

1 Amakhosi 17