1. Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:
2. “Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,
3. bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe, ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.
4. Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja, nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.”
5. Ezinye izindaba zikaBahasha, nakwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?