1 Amakhosi 16:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:

2. “Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,

3. bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe, ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.

1 Amakhosi 16