1 Amakhosi 15:26-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

27. UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni.

28. Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

29. Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,

30. ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

31. Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

32. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.

1 Amakhosi 15