1 Amakhosi 15:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.

11. U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.

12. Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.

13. Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

14. Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.

15. Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

16. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.

1 Amakhosi 15