ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kepha awubanga njengenceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela,