1 Amakhosi 14:28-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, izigijimi zazithwala, zazibuyisela ekamelweni labalindi.

29. Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

30. Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.

31. URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 Amakhosi 14