1 Amakhosi 13:17-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi khona, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ”

18. Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.

19. Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.

20. Kwathi besahlezi etafuleni, izwi likaJehova lafika kumprofethi owambuyisa;

21. wamemeza kulowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova, ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,

22. kepha ubuyile, wadla, waphuza amanzi endaweni athi ngayo kuwe ungadli sinkwa, ungaphuzi manzi, isidumbu sakho asiyikungeniswa ethuneni lawoyihlo.’ ”

23. Kwathi esedlile, esephuzile, wambophelela imbongolo yena lowo mprofethi abembuyisile.

24. Esehambile waficwa yingonyama endleleni, yambulala; isidumbu sakhe santshingwa endleleni, imbongolo yema eceleni kwaso, nengonyama yema ngasesidunjini.

25. Bheka, abantu badlula, babona isidumbu sintshingwe endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu, bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowo mprofethi omdala.

26. Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endlelni wathi: “Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama, yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.”

27. Wayesekhuluma kumadodana akhe, ethi: “Ngibopheleleni imbongolo.” Ayibophela.

28. Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.

29. Umprofethi wasiphakamisa isidumbu salowo muntu kaNkulunkulu, wasibeka embongolweni, wasibuyisa; wafika emzini womprofethi omdala ukuba alile, ammbele.

30. Wasibeka isidumbu ethuneni lakhe; bamlilela bathi: “Maye, mfowethu!”

31. Kwathi esemmbele, wakhuluma kumadodana akhe, wathi: “Lapho sengifile, ngimbeleni ethuneni embelwe kulo lowo muntu kaNkulunkulu, nibeke amathambo ami eceleni kwamathambo akhe.

32. Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka.”

33. Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.

34. Leyo nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobowamu ngangokuba inqunywe, ichithwe ebusweni bomhlaba.

1 Amakhosi 13