16. Kepha wathi: “Anginakubuya nawe, anginakungena kwakho nawe; futhi anginakudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kuleyo ndawo,
17. ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi khona, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ”
18. Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.
19. Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.
20. Kwathi besahlezi etafuleni, izwi likaJehova lafika kumprofethi owambuyisa;
21. wamemeza kulowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova, ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,
22. kepha ubuyile, wadla, waphuza amanzi endaweni athi ngayo kuwe ungadli sinkwa, ungaphuzi manzi, isidumbu sakho asiyikungeniswa ethuneni lawoyihlo.’ ”
23. Kwathi esedlile, esephuzile, wambophelela imbongolo yena lowo mprofethi abembuyisile.