1 Amakhosi 13:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowo muntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolo suku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe,

12. uyise wathi kuwo: “Uhambe ngayiphi indlela na?” Amadodana ayebonile ukuthi uhambe ngayiphi indlela lowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda.

13. Wayesethi kumadodana akhe: “Ngibopheleni imbongolo.” Ambophela-ke imbongolo, wayikhwela.

14. Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu, wamfumana ehlezi phansi kwe-oki;* wathi kuye: “Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na?”Wathi: “Nginguye.”

15. Wayesethi kuye: “Woza siye ekhaya, uthole ukudla.”

16. Kepha wathi: “Anginakubuya nawe, anginakungena kwakho nawe; futhi anginakudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kuleyo ndawo,

1 Amakhosi 13