1 Amakhosi 13:10-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Wayesehamba ngenye indlela, kabuyanga ngendlela abeze ngayo eBethele.

11. Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowo muntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolo suku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe,

12. uyise wathi kuwo: “Uhambe ngayiphi indlela na?” Amadodana ayebonile ukuthi uhambe ngayiphi indlela lowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda.

13. Wayesethi kumadodana akhe: “Ngibopheleni imbongolo.” Ambophela-ke imbongolo, wayikhwela.

14. Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu, wamfumana ehlezi phansi kwe-oki;* wathi kuye: “Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na?”Wathi: “Nginguye.”

15. Wayesethi kuye: “Woza siye ekhaya, uthole ukudla.”

16. Kepha wathi: “Anginakubuya nawe, anginakungena kwakho nawe; futhi anginakudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kuleyo ndawo,

17. ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi khona, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ”

18. Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.

19. Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.

20. Kwathi besahlezi etafuleni, izwi likaJehova lafika kumprofethi owambuyisa;

21. wamemeza kulowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova, ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,

22. kepha ubuyile, wadla, waphuza amanzi endaweni athi ngayo kuwe ungadli sinkwa, ungaphuzi manzi, isidumbu sakho asiyikungeniswa ethuneni lawoyihlo.’ ”

23. Kwathi esedlile, esephuzile, wambophelela imbongolo yena lowo mprofethi abembuyisile.

24. Esehambile waficwa yingonyama endleleni, yambulala; isidumbu sakhe santshingwa endleleni, imbongolo yema eceleni kwaso, nengonyama yema ngasesidunjini.

25. Bheka, abantu badlula, babona isidumbu sintshingwe endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu, bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowo mprofethi omdala.

26. Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endlelni wathi: “Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama, yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.”

27. Wayesekhuluma kumadodana akhe, ethi: “Ngibopheleleni imbongolo.” Ayibophela.

1 Amakhosi 13