1 Amakhosi 13:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.

2. Walibiza i-altare ngezwi likaJehova, wathi: “Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”

3. Wabanika isiboniso ngalolo suku, wathi: “Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulume ngaso sokuthi: Bheka, i-altare liyakudatshulwa, umlotha ophezu kwalo uchithwe.”

4. Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i-altare laseBethele, uJerobowamu waselula isandla sakhe ese-altare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.

5. I-altare ladabuka, umlotha we-altare wachitheka e-altare njengesiboniso asinikile lowo muntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova.

6. Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe.” Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.

7. Yayisithi inkosi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Woza siye ekhaya, uzihlumelele, ngikuphe isipho.”

8. Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unginika inxenye yendlu yakho, angiyikuya khona nawe; futhi angiyikudla isinkwa, ngiphuze amanzi kuleyo ndawo;

9. ngokuba ngayalwa kanjalo ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ”

10. Wayesehamba ngenye indlela, kabuyanga ngendlela abeze ngayo eBethele.

11. Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowo muntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolo suku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe,

1 Amakhosi 13