26. UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso uyakubuyela endlini kaDavide.
27. Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo, kuRehobowamu inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.”
28. Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”
29. Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani.