1 Amakhosi 12:17-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.

18. Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.

19. U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.

20. Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.

21. URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.

22. Lase lifika izwi likaNkulunkulu kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi:

23. “Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBenjamini, nakubantu abaseleyo, ngokuthi:

24. ‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa-Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela izwi likaJehova, babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.

1 Amakhosi 12