1 Amakhosi 12:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.

2. Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile -- ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe,

3. kepha bathuma bambiza -- uJerobowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi:

4. “Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.”

5. Wathi kubo: “Hambani izinsuku zibe zintathu, bese nibuyela kimi.” Basuka-ke abantu.

6. Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: “Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?”

1 Amakhosi 12