1. URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.
2. Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile -- ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe,
3. kepha bathuma bambiza -- uJerobowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: