1 Amakhosi 11:5-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni.

6. USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, kamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise.

7. USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.

8. Wabenzela kanjalo bonke omkakhe bezizwe abashisa impepho, bahlabela onkulunkulu babo.

9. UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakele kuye kabili,

10. wamyala ngale nto yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu; kepha akagcinanga lokho uJehova amyale ngakho.

11. Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: “Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho.

12. Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho.

13. Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”

14. UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi.

15. Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi

16. ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi

17. uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.

18. Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

19. UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi.

20. Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.

21. UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.”

1 Amakhosi 11