1 Amakhosi 11:41-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni.

42. Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane.

43. USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 Amakhosi 11