23. UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba.
24. Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.
25. Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.
26. UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.
27. Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise.
28. Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.
29. Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.
30. U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili.
31. Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi
32. kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli
33. ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.
34. “ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami;
35. kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi.
36. Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.
37. Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli.
38. Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.
39. Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba njalonjalo.’ ”
40. USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu, kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni.