1 Amakhosi 11:12-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho.

13. Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”

14. UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi.

15. Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi

16. ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi

17. uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.

18. Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

19. UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi.

1 Amakhosi 11