1 Amakhosi 10:18-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo.

19. Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

20. Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.

21. Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

22. Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*

23. Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.

24. Wonke umhlaba wafuna ukubona ubuso bukaSolomoni ukuba uzwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe.

25. Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

26. USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

27. Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.

28. Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo.

29. Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

1 Amakhosi 10