1 Amakhosi 10:11-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi* namatshe ayigugu.

12. Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

13. Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.

14. Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide

15. ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.

16. Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye,

17. kanjalo namahawu angamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amamane* amathathu egolide kulo ihawu lilinye; inkosi yawabeka endlini yehlathi laseLebanoni.

18. Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo.

19. Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

20. Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso.

21. Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

1 Amakhosi 10