1 Amakhosi 1:43-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;

44. inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi;

45. uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.

46. Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.

47. Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: ‘UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.’

48. Futhi yasho kanje inkosi, yathi: ‘Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.’ ”

49. Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe.

50. U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo ze-altare.

51. Kwabikwa kuSolomoni ukuthi: “Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze-altare, ethi: ‘Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.’ ”

52. Wathi uSolomoni: “Uma eyakuba yindoda enamandla, akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe, kepha uma okubi kufumaniseka kuye, uyakufa.”

53. Yayisithumela inkosi uSolomoni, bamehlisa e-altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: “Hamba, uye endlini yakho.”

1 Amakhosi 1