1 Amakhosi 1:41-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: “Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?”

42. Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: “Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle.”

43. UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;

1 Amakhosi 1