1 Amakhosi 1:20-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo,

21. funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”

22. Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.

23. Bayitshela inkosi, bathi: “Bheka, nangu uNathani umprofethi.” Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.

24. UNathani wathi: “Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: ‘U-Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,’ na?

25. Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’

26. Kodwa mina, mina nceku yakho, noSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.

27. Le nto yenziwe yini yinkosi yami, inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na?”

28. Yayisiphendula inkosi uDavide, yathi: “Ngibizele uBati Sheba.” Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.

29. Inkosi yayisifunga ngokuthi: “Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke,

30. njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.”

31. Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”

32. Inkosi uDavide yayisithi: “Ngibizele uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada.” Bafika phambi kwenkosi.

33. Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi* wami, nimehlisele eGihoni,

34. uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’

35. Bese nenyuka emva kwakhe, afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda.”

36. UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: “Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.

37. Njengalokho uJehova waba nenkosi yami, inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.”

38. Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi* wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.

1 Amakhosi 1