1 Amakhosi 1:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.

2. Zase zithi kuyo izinceku zayo: “Inkosi yami, inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi, iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale.”

3. Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.

4. Intombi yayiyinhle kakhulu, yayiphatha inkosi, yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.

5. U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: “Mina ngiyakuba yinkosi.” Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.

6. Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: “Wenzeleni lokhu na?” Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.

7. Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.

8. Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.

9. U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;

10. kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.

11. UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: “Awuzwanga yini ukuthi u-Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?

1 Amakhosi 1